Njengoba izinga labantu abanesifo iCovid-19 liqhubeka nokwenyuka eNingizimu Afrika, kufanele abaholi bezepolitiki nabaqashi, babe yizibonelo ezinhle ngokubonakala bethobela yonke imithetho kahulumeni eqonde ukugwema ukusabalala kwalesi sifo.

Kusikhathazile kakhulu eBusiness Leadership South Africa (BLSA) ukubona izithombe ezikhombise isixuku sabaholi bakaKhongolose sibuthene ngaphandle kwekhaya lesithwalandwe uBaba u-Andrew Mlangeni singayigcinanga imiyalelo yokuqhelelana.

Yize kade bezifakile izifonyo kodwa abayilandelanga eminye imigomo yokuvikela ukusabalala kweCovid-19 emphakathini.

Saphinde futhi sakhathazeka sibona emngcwabeni kaBaba uMlangeni amanye amalungu ombutho wokuvikela (iSANDF) ebhema esidlangaleni.

Thina siyiBLSA sihambelana naso futhi siseseka ngokugcwele isitatimende esikhishwe iBusiness for SA (B4SA) ngoLwesibili sokuthi sonke singabaseNingizimu Afrika, asiqhubeke nokubamba imithetho nemigomo eshaywe nguhulumeni ukuze sigweme ukubhebhetheka kweCovid-19.

Kulesi sitatimende, iB4SA ibeke ithe: “Ukuze sinqobe isimo esibhekene naso esinzima, sonke kumele sisebenzisane ukuze wonke umuntu osebenzayo akwazi ukuthi asebenze ngokuphepha – noma umsebenzi kungokahulumeni, noma ngowasezimbonini ezizimele, noma owezinhlangano ezingenzi inzuzo, noma ngowozisebenzayo – yonke imisebenzi kumele iguquke ukuze izidingo zabasebenzi eziphathelene nezempilo, ukuphepha kanye nezimiso zokuhlanzeka ezibheke ezindaweni zokusebenza ezisungulwe ngenhloso yokugwema ukubhebhetheka kweCovid-19, zigcineke.”

Lokhu kubala ngisho imigomo ebhekiswe ekuvikeleni abasebenzi abasengcupheni ngenxa yezifo abanazo nalabo basebenzi abangaphezulu kweminyaka ewu-60 ekutholakala ukuthi iCovid-19 iyingozi kakhulu kubona.

I-BLSA nezinye izinhlangano zamabhizinisi nohulumeni imbala, sezisebenze kakhulu ukugqugquzela ukuqhelelana njengendlela yokwehlisa izinga lokubhebhetheka kwegciwane elibanga iCovid-19 futhi nokukhuthaza nezindlela zokuvikela izindaweni zokusebenza.

Kodwa uma umphakathi ubona abaholi bezwe kuyibona abangaqhelelani ngendlela, kwenza wonke lo msebenzi ube yize futhi umkhankaso ongaka utheneke amandla.

Abaholi kumele babe yisibonelo esihle emphakathini, babambe umthetho ngendlela efanele.

Lokhu okwenzekile kwenza umsebenzi wokuqinisa umgomo wokuqhelelana ube nzima uma abaphakamisi bawo bengawuthobeli.

Angeke yini lesi senzo sidale kube nzima uma uMengameli Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Zweli Mkhize sebezama ukugcizelela ukuthi emphakathini kufanele kuqhelelwane ukuze kunqandeke ukubhebhetheka kweCovid-19?

Uma echaza uNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, ubeke wathi isixuku sibuthene ngaphandle kwenhloso kodwa sasheshe sahlakazwa. Kodwa lokho akuchazi kahle ukuthi kwenziwe yini izikhulu zikaKhongolose nazo imbala ezingawubambanga umthetho wokuqhelelana ngesikhathi zimile ngaphandle. Zibonakale zisondelene ngendlela engavumelekile eziphakamisweni ezaziwayo zokuqhelelana.

Okubongekayo wukuthi emngcwabeni kaBaba uMlangeni, kubonakale ukuqhelelana kuhlonishwa. I-BLSA ibona sengathi ukube bekuhleliwe kahle ngaphandle kwasekhaya kwaBaba uMlangeni ngoLwesibili, ubungabambeka nakhona umthetho wokuqhelelana.

UKhongolose ubunethuba elihle lokusikhombisa ukuthi sonke kumele sidlale indima yethu ekwehliseni ukubhebhetheka kweCovid-19. Ngeshwa isizwe sibone ukuthi imithetho ayihlonishwa ngabaholi.

Lombono uqale washicilelwa ephaphandabeni iSolezwe. (This article was first published in Isolezwe newspaper)